Kutholakale ukuthi kusebenza izingane ezincane kugaselwa emafemini eKZN

Izikhulu zoMnyango Wezabasebenzi nezoMnyango Wezasekhaya zivale inqwaba yamafemu akwaSithebe, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

Kutholwe abantu abaningi abaphuma kwamanye amazwe abangenazo izincwazi ezibagunyaza ukuba kuleli lizwe futhi besebenza ngokungemthetho.

Okukhathaza kakhulu isibalo seszingane ezisebenza kula mafemu.

OLUNYE UDABA: UMkhwanazi noNdunankulu bagasele emafemini aKwaDukuza

ISekela likaNgqongqoshe Wezabasebenzi uJomo Sibiya uthe kuzoboshwa umqashi, kunento engeyinhle eqhubekayo yokuqashwa kwezingane ezisencane, ezibalelwa eminyakeni engu-14 ubudala.

“Basizakala ngobumpofu babantu bethu.”

Lo msebenzi wenziwe ngenhlanganisela uholwa uMnyango Wezabasebenzi kanye nomnyango wezasekhaya namaphoyisa

Lezi zinhlaka zithathe lelsi sinyathelo kulandela ukuncinzwa indlebe ngabantu bokufika kuleli abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba sezweni kanye nezinsolo sokushushumbisiwa kwabantu.

eNCA