‘Umkhwanazi unyomfe izinhlelo zikaMchunu kwesokuba ngumengameli’ – umhlaziyi

Ingqikithi yobufakazi obethulwe ngowayengungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele, ekomidini lesikhashana lasePhalamende eliphenya ngokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa, bukhomba ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uSenzo Mchunu, wayezicabela indlela yokuba nguMengameli noma yiSekela likamengameli we-African National Congress (ANC), engqungqutheleni yale nhlangano ezoba ngo-2027.

UCele uthi lokhu kwadalulwa ngusomabhizinisi otoke eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, uVusumuzi “Cat” Matlala ngesikhathi ehlangana naye eBeverly Hills Hotel, eMhlanga, ngoDecember 2024.

UCele uthi uMatlala wamtshela ukuthi uxhunyaniswe nguBrown Mogotsi noMchunu, wamnxusa ukuba axhase ngemali umkhankaso wakhe wokuba ngumengameli noma iSekela likaMengameli we-ANC.

“UCat wathi uMchunu wamcela ukuthi makabe yingxenye yethimba elizosebenza ekutheni athole esinye salezi zikhundla eziphezulu, kodwa angasondezi mina (uBheki Cele) noJacob Zuma. Angazi ukuthi wayengihlanganisa kanjani noZuma.

OLUNYE UDABA: UMchunu uyakuphika ukuphiwa imali ngu’Cat’ Matlala

“UCat wabuye wathi wayalelwa nguJenene uShadrack Sibiya ukuba abhale isitatimende esifungelwe, esithi ngesikhathi kugasela uphiko lwamaphoyisa olwalujutshwe nguJenene Dumisani Khumalo emzini wakhe, kwantshontshwa ubucwebe bomkakhe.

“Wathi uJenene Sibiya wayefuna uJenene Khumalo aboshwe khona ezombeka icala. UCat wathi akakwenzanga lokho ngoba unamathenda awathola emaphoyiseni,” kusho uCele kumalungu ekomidi.

Umhlaziyi wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uZakhele Ndlovu, uthi ngaphambi kokudalulwa kwegama likaMchunu nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi, uMacingwane ubenokwesekwa emagatsheni e-ANC.

“Ukhumbule ukuthi ngo-2017, engqungqutheleni ye-ANC eyayiseNasrec, uMchunu waphonsela inselelo u-Ace Magashule esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele we-ANC kodwa wakhala ngaphansi. Uyaziwa uMchunu ukuthi uyisithenjwa sikaMengameli uCyril Ramaphosa.

“Izinhlelo ezikhona ezisebenza umshoshaphansi bezithi uMchunu kufanele abengumengameli we-ANC ngo-2027, aqhubeke nokuba ngungqongqoshe wamaphoyisa ukuze umengameli uRamaphosa ezoqedela kahle ihlandla lakhe ngo-2029. Lezi zinhlelo seziphazamisekile ngezinsolo zikaMkhwanazi,” kuhlaziya uNdlovu.

ILANGANewspaper