Ugwetshwe udilikajele owadlwengula umzala wakhe

INkantolo yeSifunda eMtubatuba igwebe indoda eneminyaka engu-26 ubudala ngecala lokudlwengula umzala wayo oyingane phakathi kuka-2019 kuya ku-2020. Isigameko senzeka kwaHlabisa kanti umgilwa wayeneminyaka engu-7 ubudala ngaleso sikhathi.

Isisulu sasihlala nobabekazi nomzala bakhe ngoba unina wayesebenza kwenye indawo. Isisulu sadlwengulwa izikhawu ezimbili sisatshiswa ngokubulawa uma sike sabika udaba. Ngonyaka ka-2023 isisulu sahamba sayohlala nonina eNgwelezane.

Ngelinye ilanga sekuntambama unina wesisulu wabuza ukuthi angathanda yini yena nodadewabo abanye ukuba yingxenye yomkhosi womhlanga lapho kusinwa khona behlolwe nobuntombi. Isisulu saabhoboka kunina ukuthi ngeke sisakwazi ngoba sadlwengulwa wumzala nokulapho okwaphela khona ubuntombi baso.

Isisulu sahanjiswa eNgwelezane Thuthuzela Care Centre (TCC) sahlolwa kwaqinisekiswa lokhu esasikusho. Kwabikwa udaba emaphoyiseni, ummangalelwa wezwa ukuthi ufunwa amaphoyisa wabaleka kwaHlabisa. Wagcina eboshiwe eVryheid ngonyaka ka-2024.

OLUNYE UDABA:

UMshushisi uPhumlani Thembalethu Khoza ubize ofakazi okuyisisulu, wunina owabikelwa kuqala nodokotela owahlola isisulu. UKhoza ekhonga isigwebo esiqinile wethule isitatimende sikanina kamgilwa asibhale eluswe wuSthembile Cebekhulu oyi-Court Preparation Officer.

Unina wesisulu uthe ubemethemba ummangalewa futhi emthatha njengengane yakhe, wathi izenzo zakhe ziyathusa futhi azichazeki. Uthe ngeke baphole kulokhu okwenziwe wummangalelwa futhi kufanele asuswe unomphela emndenini nasemphakathini.

Ummangalelwa ugwetshiwe, inkantolo yathi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

I-NPA izimisele ukulwa nesihlava sokunukubeza ngokocansi nokuhlukunyezwa kwezingane. Siyethemba isigwebo siwubufakazi bokuzimisela kwethu.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)