UMnyango wezokuThutha usukhiphile umthetho omusha we-e-Hailing

UMnyango Wezokuthutha Kazwelonke ufake kugazethi uMthetho Kazwelonke Ochitshiyelwe Wezokuthutha Ezihamba Phansi ukuze wethule ukusebenza kwe-e-Hailing njengenye yezithuthi zomphakathi ongakhetha kuzo.

Isichibiyelo sihlose ukuqaphela ngokusemthethweni uhlobo olusha lokusebenza oluthathwe njengomsebenzi ongekho emthethweni ngabanye abashayeli bezinye izithuthi zomphakathi emigwaqweni.

Lokhu kusho ukuthi i-e-hailing service isizoba namalayisense okusebenza njengamatekisi.

Emasontweni adlule kuke kwahlaselwa abashayeli bama-e-hailing ekukholakala ukuthi wudlame oluphakathi kwabashayeli bamatekisi kubangwa imizila nezindawo zokuthutha.

OLUNYE UDABA: UMnyango wezokuThutha uzokhipha imithetho emisha ngoLwesihlanu

Ngenyanga edlule, umshayeli we-e-hailing, uSiyanda Mvelase, wabulawa eMaponya Mall eSoweto esigamekweni sokuhlasela ngenhloso.

Ngokomthetho omusha, imoto ngayinye kufanele ifakwe uphawu noma iphathe uphawu olutshengisa ukuthi imoto ngeye-e-hailing (ngeka-Uber okanye uBolt).

Ama-App developers abagunyaza labo abasebenzisa ama-app abo ngaphandle kwelayisensi bangahlawuliswa imali efinyelela ku-R100 000 noma babhadle iminyaka emibili ejele.

Wonke ama-App kudingeka ukuba abhaliswe kubalawuli.

“Abagibeli kumele baqinisekise ukuthi imininingwane yemoto nomshayeli iyavela yini kwi-App, uma kungenjalo, kuzomele baqikelele,” kusho uMnyango uCollen Msibi, okhulumela umnyango.

Lo Mthetho uphinde udinge ukuthi kufakwe ama-panic button ezimotweni ze-e-hailing ngenhloso yokusiza abagibeli kwezokuphepha nokuhlinzekwa ngosizo olusheshayo oluvela emaphoyiseni noma ezinkampanini zama-track .

Ama-panic button azosiza ngokuthola ubugebengu obuqhubekayo.

“Okunye abasebenzi be-e-hailling bazokhokhiswa imali uma befaka izicelo zamalayisensi okuyimali ejwayelekile yokufaka isicelo selayisensi yokusebenza,” kuqhuba uMsibi.

UMnyango uthi uzoba nezithangami zokucobelelana ngolwazi ukuze wabelane ngalolu lwazi nabo bonke abasebenzi nezikhulu ezweni lonke, kusukela ngesonto elizayo.

Newswatch