
Abosizo lokuqala i-KZNVIP Emergency Response Team baphuthume endaweni yaseMhlanga kulandela ukuthola imibiko emayelana nokusha kwenxanxathela yezitolo ngeSonto.
Ngesikhathi befika kule ndawo, amathimba abone ifu lentuthu emnyama, onogada bematasa bekhipha abantu ngaphandle. Le ndawo ivikelwe ngokushesha ukuze kuqinisekiswe ukuphepha komphakathi ngesikhathi abezicishamlilo nabezimo eziphuthumayo besebenza ukunqanda lo mlilo.
Umlilo unqandwe ngempumelelo, wacishwa ngaphambi kokuba usabalale kuyo yonke le nxanxathela yezitolo.
OLUNYE UDABA: Kushone isalukazi kusha umuzi oThongathi
Abantu abane abahlolwe ngabe-KZNVIP Medics ngezizathu zokuhogela intuthu. Iziguli ezimbili kudingeke ukuba zithole olunye usizo lwezokwelashwa, ziphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ngemuva kokuxilongwa endaweni yesigameko.
Ngokombiko weKZNVIP, okwamanje, imbangela yomlilo ayikaziwa. Uphenyo olugcwele luyaqhubeka ukuze kutholakale umsuka nezimo eziholele esigamekweni.
Zonke izinsiza eziphuthumayo, okubalwa izicishamlilo, ezokwelashwa, kanye nabezomthetho, bezikhona ukuze kugwenywe umonakalo obungadalwa yileli langabi kule nxanxathela yezitolo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
