
Umfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-East London namuhla ekuseni.
U-Omotoso uzovela enkantolo kulandela ukuboshwa kwakhe ngempelasonto wuPhiko lwezaseKhaya labahloli boMnyango wezaseKhaya.
Yize kungakacaci kahle ngamacala abekwe wona, uMnyango wezaseKhaya uthi ukuboshwa kwakhe kulandela ukuchithwa kwesicelo sakhe sokuthi kuchithwe isinqumo sikaNgqongqoshe wezaseKhaya sokumenyezelwa njengomuntu ongavumelekile ukuba seNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA: “U-Omotoso ubephila ‘butebhu’ esesitokisini”
U-Omotoso uboshwe esanda kukhuleka kwelinye lamabandla akhe edolobheni kanti ugqunywe esitokisini esiteshini samaphoyisa aseMdantsane kusukela ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi eboshwa.
Ngenyanga edlule, u-Omotoso nabanye ababemangalelwe naye uLusanda Sulani noZukiswa Sitho baphuma phambili eNkantolo eNkulu yaseGqeberha. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba betholwe bengenacala ngamacala ahlanganisa awokudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokushushumbiswa kwabantu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
