
Inqubo yesigwebo ecaleni likaJoshlin Smith oneminyaka eyisithupha ubudala kuqhubekile namuhla.
Umama wengane uKelly Smith kanye noJacquen Appolllis noSteveno van Rhyn bonke balahlwa yicala lokuthumba nokushushumbisa abantu.
Kusukela anyamalala ngoFebruary ngonyaka odlule uJoshlin ekhaya lakhe eliseSaldanha Bay akakaze atholakale.
OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo abasolwa ngokunyamalala kukaJoshlin Smith
NgoLwesithathu ekuseni, usonhlalakahle ufunde izitatimende eziningi ezithinta isisulu eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Esinye sahanjiswa ngumama kaKelly, u-Amanda Smith Daniels.
Isitatimende sasibhekiswe kwindodakazi yakhe.
“ Awufuni ukubhekana nezenzo zakho, manje usufuna ukuphenduka isisulu. Wangibheka emehlweni wathi, ‘Ma, ngizokhuluma ngokulandelayo uma sesivela enkantolo’.
“Ngakukholwa ngoba wathi ummeli wakho uthe uzokhuluma, kodwa manje uzokhuluma ngemuva kokuba sengikuncengile, kodwa waphinde waqamba amanga. Ulala kanjani ebusuku? Uphila mpiloni?”
UDaniels uthe angeke aphumule kuze kube umzukulu wakhe uyatholakala.
“Nami ngingumama, ngihlezi ngikhathazekile ngezingane zami nabazukulu bami. Angeke ngize ngisaswenka kuze kube uJoshlin uyatholakala.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
