Iminyaka ewu-5 kowadidiyela izithombe zocansi

INkantolo yeSifunda eMgungundlovu igwebe uScebi Nene, 36, iminyaka ewu-5 ejele emuva kokuvuma icala ngaphansi kuka-Section 105 Plea and Sentence Agreement, lokudidiyela, ukusabalalisa nokukhombisa ngezithombe zocansi.

Phakathi kukaSeptember 2022 noMay 2023 uNene wacaphuna izithombe zikaMengameli wezwe uMhlonishwa uCyril Ramaphosa, uBheki Cele owayewuNgqongqoshe wamaPhoyisa noKhehla Sithole owayenguMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke.

UNene waphinda wacaphuna izithombe zocansi wazixuba nezabamangali nokwadala umcabango wokuthi yizithombe zabamngali zangempela. UNene wasabalalisa lezi zithombe kwabanye abantu.

OLUNYE UDABA: Obenza izigidi ngokusabalalisa ezocansi ufake esokuthola ummeli wesihe

UNene egonyuluka evuma icala uthe wayesebenzela i-Coca-cola phakathi kuka-2018 no-2019. Uthe wasola ukuthi kwakunabantu ababemlandela wabika udaba emaphoyiseni. Uthe amaphoyisa amtshela ukuthi akabheke uma lokhu kuphinde kwenzeka futhi abuyele kuwona ayobika.

UNene uthe waphinda waqaphela ukuthi wayelandelwa waphindela wayobika emaphoyiseni eziteshini ezimbili bamchitha. Uthe wazama ukubikela I-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nawu Directorate for Priority Crime Investigation (HAWKS) Klebe kodwa akekho owamnaka. Uthe wazama ukuthinta ihhovisi likaCele owayenguNqgongqoshe kodwa akaze asizakale.

Uthe kulapho anquma khona ukucaphuna izithombe enze sengathi ezabamangali. Uvumile nokuthi akagcinanga lapho kodwa wazisabalalisa lezi zithombe. Uthe uyazisola futhi ngeke aphinde enze lokhu ngelinye ilanga.

UNene ugwetshwe iminyaka ewu-5 ejele ngecala lokudidiyela izithombe. Amacala okusabalalisa nokubukisa ngezithombe athathwe ahlanganiswa wase egwetshwa iminyaka emithathu kuwona. Inkantolo inqume ukuthi izigwebo azidonse kanyekanye nokusho ukuthi uzodonsa iminyaka ewu-5.

U-Adv. Shika Severpersad wuyena uMshushisi woMbuso obephethe lolu daba waze waluphothula ngempumelelo.

Ngokwesitatimende, i-National Prosecuting Authority iwathatha njengabalulekile amacala afana nalawa futhi sixwayisa umphakathi ukuthi usebenzise ezobuchwepheshe ngobunono uhloniphe nabanye abantu.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

One thought on “Iminyaka ewu-5 kowadidiyela izithombe zocansi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *