
Abosizo lokuqala i-ALS Paramedics baphuthume ekhoneni likaHarden Avenue noMhlatazana Road endaweni yaseClairwood eningizimu yeTheku ngemuva kwezithuba zabo-07:00 ekuseni lapho kwenzeke khona ingozi yemoto ethutha izingane zesikole.
Abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi kushayisane itekisi nemoto.
Izingane ebezikule moto zineminyaka ephakathi kwengu-5 nengu-12 ubudala zithole ukulimala.
OLUNYE UDABA: Kuvulwe awokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi eyenzeke ku-N2
Kuthunyelwe ama-ambulensi amaningi e-ALS Paramedics ukuyosiza.
Ngemuva kokuthi bonke abalimele sebezinzile endaweni yesigameko baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole okunye ukwelashwa.
Okwamanje izehlakalo ezaholela kule ngozi azikaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS babekhona endaweni yesigameko kanti asazophenya.
