INkantolo yoMthethosisekelo isikhiphe isinqumo sokuthi amadoda asengazithatha izibongo zamakhosikazi awo

INkantolo yoMthethosisekelo eBloemfontein ikhiphe isinqumo sokuthi abayeni sebevunyelwe ukuthatha izibongo zamakhosikazi abo.

Isinqumo sikhishwe ngoLwesine yiJaji uLeona Theron.

OLUNYE UDABA: ISilo sithembise uNdlunkulu waso umshado

ISigaba 26(1)(a) kuya ku-(c) soMthetho Wokubhaliswa Kokuzalwa noKufa kwabantu siyaphambana nomthethosisekelo njengoba sicwasa ngokobulili, ngokwehluleka ukunikeza amadoda ilungelo lokuthatha isibongo sabesifazane ngemva komshado.

Lokhu kungemuva kokuthi abafake izicelo, uJana Jordaan noHenry Van Der Merwe, kanye noJess Donnelly-Bornman no-Andreas Nicolas Bornman bephendukele enkantolo enkulu ngoMashi nonyaka ukuze bathole isiqiniseko sokuthi lesi sigaba asisebenzi.

UVan Der Merwe wenqatshelwa ukuthatha isibongo sikankosikazi wakhe uJordaan kwathi uBornman wanqatshelwa ukubiza isibongo sakhe ukuze afake nesibongo somkakhe, uDonnelly.

Ngesikhathi iJaji lale nkantolo uMahluleli uLeona Theron, lethula isinqumo lithe iphalamende kuzofanala likhethe ukuthi liyawuchibiyela lo mthetho noma lishaya omusha. Iphalamende linikezwe yile nkantolo iminyaka emibili ukuba lilungise lelo phutha ngemuva kwalokho amadoda ayobe esekwazi ukushintsha izibongo ngokusemthethweni.

IOL