
Abakwa-South African Weather Service sebekhiphe isexwayiso sika-Level 2 ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal ngeSonto.
Izangoma zezulu zithi kulindeleke ukuba izulu lidume ngamandla kusasa.
OLUNYE UDABA: Kuphume esinye isexwayiso ngesimo sezulu esingesihle eKZN
Ngokombiko we-SABC abakwa-SAWS baphinde bathi kuzoba nomoya omkhulu ozodala umonakalo, imibani enamandla, isichotho kanye neziphepho ezinamandla okungase kuphazamise izingxenye eziningi zesifundazwe, ngaphandle kwezindawo ezisenyakatho-mpumalanga nenyakatho nentshonalanga KwaZulu-Natal
Izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zikhoselise imfuyo kanti futhi zigweme noma yini eyenziwa ngaphandle ngesikhathi kunesiphepho.
Weather update for today and tomorrow, 29-30 March 2025:
— SA Weather Service (@SAWeatherServic) March 29, 2025
Isolated to scattered showers and thundershowers over the central and eastern parts of RSA, but light rain is expected along the south-coast tomorrow.⚠️Severe thunderstorms#saws pic.twitter.com/oYRlKamBxM
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
