UNdunankulu waseKZN uzohambela umndeni oshonelwe izelamani

UNdunankulu  waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, kulindeleke ukuthi avakashele umndeni wezilamani ezimbili okusolwa ukuthi zidlule emhlabeni ngenxa yodlame lobulili, iGender Based Violence (GBV) endaweni yaseLindelani,eMzinto, eNingizimu yeTheku namuhla.

Umsolwa udubule wabulala intombi yakhe nodadewabo ngaphambi kokuzibulala ewadini laseNkonka eLindelani.

Inhloso yohambo lukaNtuli ukuzwelana nomndeni oshonelwe, ukuxhumana neziphathimandla zomthetho kanye nokuqinisa ukuzibophezela kukahulumeni wesifundazwe ekulweni nesahlava se-GBV ngobulungiswa, ukweseka izisulu nezindlela zokuvikela.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ungqongqise umuzi “wowabulala wangcwaba” umshana umndeni ungazi

Okhulumela amaphoyisa uThenjiswa Ngcobo uthe, ngeSonto kuvulwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala nedokodo ngemuva kwesigameko lapho owesilisa okusolwa ukuthi udubule wabulala izelamani ezimbili walimaza nowesifazane obengumakhelwane wabo.

Ngokombiko weTimesLive, uNgcobo uthe: “Umakhelwane uphuthunyiswe esibhedlela.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *