Izwi Lomzansi libungaze ubudlelwano obunalo nosomabhizinisi

Umsakazo IzwiLomzansi libambisene neDurban Chamber of Commerce lisingathe iBusiness Brunch ngoLwesine lwangomhlaka-15 May 2025.

Inhloso yalo mcumbi obuyikhethelo bekuwukuhlinzeka ngenkundla yezokuxhumana kosomabhiznisi, ukucobelelana ngolwazi lwamabhizinisi nokuthola ukuthi Izwi LoMzansi lingawalekelela kanjani amabhizinisi ukuze ekwazi ukudayisa imikhiqizo yawo nokukhulisa amabhizinisi liwabeke ezingeni eliphezulu ngokusebenzisa izinsiza zomsakazo.

Umphathi wesiteshi uVela Xulu ethula inkulumo yakhe wachaza ngomlando womsakazo kusukela usungulwa ngo-1998, nezingqinamba lo msakazo usubhekane nazo.

Gallery section

More Photos

Okunye akubalulile wukuthi umsakazo bawuqala ngoba befuna ukunikeza abantu inkundla yokuthi bekwazi ukukhuluma ngokukhululeka ngolimi lwabo. Esinye isizathu sokuqala umsakazo ukuqwashisa, ukwazisa kanye nokufundisa abantu bakithi ngezinto eziningi ezibandakanya bona ezazenzeka KwaZulu-Natal.

Uthi impela kwaba wumqansa kodwa ngokuphokophela nokubekezela lo msakakzo namuhla ukhona futhi unabalaleli abangaphezu kuka-260 000. Uthi ukube kwakungesilo uthando nogqozu lomsakazo ngabe abekho namuhla. SiyiZwi LoMzansi namuhla siyaziqhenya ngokuthi sikwazile ukuheha abantu abafana noMpanza owayengumphathi siteshi woKhozi FM osesebenza nathi.

UXulu ube esebonga amakilayenti asebenzisana neZwi Lomzansi nalawo asazosebenzisana nalo. Esho ukuthi akulula ukutshala imali enkampanani ongayazi okuyingakho bekhethe lolu suku ukuze wonke umuntu athole ukubona nokulazi kangcono Izwi Lomzansi.

“Abantu bayesaba ukutshala imali ekukhangiseni kodwa sikhona ukuzokutshela ukuthi ungesabi, yiba nesibindi. Limakethe ibhizinisi lakho, abantu mabalazi, bazi nokuthi lenzani futhi likuphi nendawo.

“Imizuzwana nje ibhizinisi lakho lizwakale emsakazweni liyobe selilalelwe yizinkulungwane zabantu ezweni. Inani lethu alibizi kakhulu ngakho siyanimema nonke ukuthi nize kuthina nisebenzise inkundla yethu ngokwenza kanjalo nizozuza lukhulu. Akhona amabhizinisi asesebenze nathi iminyaka angakufakazela lokho. Amabhizinisi afana neNcanda Funerals, yiBrightness Fashion Design Academy neSpareBoys ukubala ambalwa.”

Ukusebenzisana neZwi Lomzansi okungungumsakazo omdala kungalilekelela kakhulu ibhizinisi lakho.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *