UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uzichithile izinsolo abekwe zona yiphoyisa eliphezulu eKZN, ethi zingamampunge.
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthi ukuhlakazwa kwethimba eliphenya ngamacala okubulala abezepolitiki bekuwumzamo wokuphazamisa uphenyo olubalulekile.
Uthi uphenyo lwamaphoyisa ludalule ithimba lobugebengu elinamandla okusolakala ukuthi libandakanya osopolitiki, amaphoyisa, abashushisi, amalungu ezinkantolo, nosomabhizinisi, konke okusobala ukuthi balawulwa inkampani yezidakamizwa.
Esithangamini sabezindaba ebesivutha ngeSonto ekuseni, uMkhwanazi uphakamise ukuthi uphiko lwamaphoyisa lokubulalana kwezepolitiki lwakwa-SAPS luhlakazwe ngenxa yomsebenzi walo oyimpumelelo eGauteng, lapho etshale amalungu ayishumi avela eKZN ukuzokweseka uphiko oluphenya ngobugebengu obuhleliwe eGauteng.
UMkhwanazi uthe ithimba seliqalile ukuvundulula izingxenye zeqembu elisebenza ngaphansi kohlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu.
Ekupheleni konyaka odlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uyalele uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFanie Masemola, ukuba ahlakaze ithimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki, wathi alisafezi lutho. Kuyisinyathelo uMkhwanazi akholwa wukuthi bekunezisusa ezingezinhle.
UMchunu uyakuchitha lokho okushiwo uKhomishana wamaphoyisa aseKZN
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uzichithile izinsolo abekwe zona yiphoyisa eliphezulu eKZN, ethi zingamampunge.
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthi ukuhlakazwa kwethimba eliphenya ngamacala okubulala abezepolitiki bekuwumzamo wokuphazamisa uphenyo olubalulekile.
Uthi uphenyo lwamaphoyisa ludalule ithimba lobugebengu elinamandla okusolakala ukuthi libandakanya osopolitiki, amaphoyisa, abashushisi, amalungu ezinkantolo, nosomabhizinisi, konke okusobala ukuthi balawulwa inkampani yezidakamizwa.
OLUNYE UDABA: UKhomishana wamaphoyisa eKZN uyamanise uMchunu nokugxambukela kwezobulungiswa
Esithangamini sabezindaba ebesivutha ngeSonto ekuseni, uMkhwanazi uphakamise ukuthi uphiko lwamaphoyisa lokubulalana kwezepolitiki lwakwa-SAPS luhlakazwe ngenxa yomsebenzi walo oyimpumelelo eGauteng, lapho etshale amalungu ayishumi avela eKZN ukuzokweseka uphiko oluphenya ngobugebengu obuhleliwe eGauteng.
UMkhwanazi uthe ithimba seliqalile ukuvundulula izingxenye zeqembu elisebenza ngaphansi kohlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu.
Ekupheleni konyaka odlule, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uyalele uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uFanie Masemola, ukuba ahlakaze ithimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki, wathi alisafezi lutho. Kuyisinyathelo uMkhwanazi akholwa wukuthi bekunezisusa ezingezinhle.
FOR IMMEDIATE RELEASE
— Senzo Mchunu (@Senzo_Mchunu_) July 6, 2025
⁰6 July 2025
MINISTER OF POLICE REJECTS BASELESS ALLEGATIONS BY KZN PROVINCIAL COMMISSIONER
The Minister of Police, Mr Senzo Mchunu, in his capacity as a member of the National Executive Committee of the African National Congress, has been on a campaign…
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm