
Kuboshwe abantu bokufika abangu-15 abakuleli ngokungemthetho kwaboshwa nomnikazi wefemu ngokuqasha abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba seNingizimu Afrika, eChatsworth, eThekwini namuhla.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwe-SAPS eKZN ehambisana naboMnyango wezaseKhaya kanjalo noMnyango wezabaSebenzi bagasele efemini eliseChatsworth ukuyohlola ukuthi iyahambisana yini nemithetho ebekiwe.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuboshwe abokufika ababanjwe nempahla ewumgunyathi eThekwini
Kubikwa ukuthi amaphoyisa nezinhlaka ezithintekayo agasele emafemini amahlanu eThekwini.
Lo msebenzi uqhutshwa kulo obusuqaliwe wokufaka isigxivizo sokuba kulandelwe imithetho ebekwe wuhulumeni ukuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa emkhakheni wezamabhizinisi kanti lo msebenzi uyaqhubeka ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natal.
IZITHOMBE:






