
Kuyaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa abalinganiselwa kwabayishumi kulandela ukubhuntsha kokubanjwa inkunzi kwemoto yemali eduze naseBulwer kwalimala umshayeli wetekisi.
Imoto yemali ihlaselwe ku-R617 phakathi kwe-Underberg neBulwer ngoLwesithathu.
Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe, uSimphiwe Mhlongo, uthe abasolwa baphuce onogada izibhamu base bezama ukuqhumisa imoto besebenzisa iziqhumane.
OLUNYE UDABA: Buka: Kubanjwa inkunzi imoto yemali eMnambithi
UMhlongo uthi abanye abashayeli bezimoto ezimbili bazithole besebkingeni ngesikhathi sesigameko kodwa abazange balimale.
“Amalungu amaphoyisa ophiko loKlebe iPort Shepstone Serious Organised Crime baphenya icala lokuzama ukuntshontsha imali.
“Badubule onogada baphinda bazama ukuvula imoto yemali izikhawu ezintathu behluleka. Umshayeli wetekisi odubuleke emlenzeni ngesikhathi sesigameko waphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole uskwelashwa.”
