Buka: ibhungu lidliwa yibhubesi e-zoo

Lihlaselwa yibhubesi laze lashona phambi kwezivakashi e-zoo ibhungu elakhuphuka ngodonga olungaphezu kwamamitha angu-18 ukuze lingene esibayeni sebhubesi .

UGerson de Melo Machado, oneminyaka engu-19 ubudala, udliwe yibhubesi waze washona kulandela ukungena esibayeni sebhubesi ngokweqa uthango olungamamitha angu-18 ubude eParque Zoobotânico Arruda Câmara eJoão Pessoa, eBrazil, ngeSonto ekuseni.

UMachado wakhuphuka ngodonga olude olubiyele isibaya sebhubesi wangena ngaphakathi ehla ngesihlahla wae wayofinyelela ezansi lapho kuhlala khona ibhubesi.

Leli bhungu lithe lingakanyatheli phansi ibhubesi lamgxumela lalibamba lalidedela ngaphanmbi kokulibuyisela phansi.

OLUNYE UDABA: Kungqongqe ibhilidi lefemu esenkabeni yedolobha

I-zoo izohlala ivaliwe kuze kuphothulwe uphenyo kanye nezinqubo ezisemthethweni.

Kuzwakale ukuthi leli bhubesi angeke libulawe liwumqemane ngokwempilo futhi alikaze libonise ukuziphatha ngobudlova ngaphambilini.

Abe-zoo baqinisekise kubantu ukuthi leli bhubesi lizohlale liqashiwe njengoba selibhekene nokucindezeleka okuphezulu.

Umeluleki wezenhlalakahle yezingane, uVerônica Oliveira, uthe uMachado wayetholakale enesifo sengqondo i-schizophrenia futhi ehlala esikhungweni sabaphila nezifo zokuphazamiseka ngokwengqondo izikhawu eziningi.

UMachado wayephupha ngokuthambisa amabhubesi kwi-safari e-Afrika kanti futhi wake wazama ukwehlisa ngesinyenyela igiya lebhanoyi lokuhlala phansi ngethemba lokuyiswa lapho, kusho u-Oliveira.

Ivideo:

NBC News