
Umndeni wowesifazane oneminyaka engu-29 ubudala owashona emahhovisi aseCartrack eRosebank eGoli ufuna izimpendulo.
Kubikwa ukuthi uGcina Dhladhla watshela umphathi wakhe ukuthi akaphathekile, kodwa waqhubeka nokusebenza.
Umndeni usola umqashi ngokumvumela ukuthi ayothenga amaphilisi ezinhlungu, esikhundleni sokumvumela ukuthi agoduke.
Kuthe ngokuhamba kwesikhathi uDhladhla wawa washonela ehhovisi. Abathandiweyo bakhe bathi abazange babikelwe ngokushesha.
OLUNYE UDABA: Uphenyo ngokushona kukadokotela owayeqeqeshwa ePrince Mshiyeni seluya emaphethelweni
Babuza ukuthi kwabhekwana kanjani nesimo, okuhlanganisa nokuthatha isikhathi ukubizela abosizo lokuqala endaweni yeisgameko.
Umndeni uqhube wathi uDhladhla ngaphambilini wababikela ngezimo zakhe zokusebenza. Bathi wake wathola incwadi yesixwayiso naphezu kokuhambisa incwadi yakwadokotela emsebenzini kade egula.
Abakwa-Cartrack baziphikile izimangalo zokuthi uDhladhla wanqatshelwa ukuya ekhaya ngemuva kokugula.
