
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMbali Shinga, uzohambela inkonzo yomngcwabo kaThandokuhle Vermonter Sishi ongasekho emhlabeni.
Ukushona kabuhlungu nokungalindelekile kukaSishi, ngesandla somyeni wakhe esigamekweni esishaqisayo sodlame lobulili (GBV) ngoMgqibelo odlule, sekwethuse abantu abaningi eThekwini nasemiphakathini eminingi yaKwaZulu-Natal.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uphinde wanxusa amadoda ukuthi kube yiwo alwa ne-GBV
Lokhu kushiya abaningi nobunzima bokwamukela lokhu kulahlekelwa okubuhlungu kangaka.
Kusolwa ukuthi wagwazwa ngumyeni wakhe asebahlukana naye emzini wabo oseWoodlands, eThekwini ngoMgqibelo.
Inkonzo yomncwabo izobe isehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-Q eMlazi kuasa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
