Namuhla kubekwa iphoyisa lesibili kwamathathu atholwa eshonile emfuleni

UConstable Cebekhulu Linda uzobekwa endaweni yakhe yokugcina eBochabela eBloemfontein.

ULinda ubengomunye wamaphoyisa amathathu izidumbu zawo ezatholwa emfuleni iHennops.

Kukholakala ukuthi imoto eyayihamba la maphoyisa amathathu yaphuma emgwaqeni omkhulu yayongena emfuleni.

OLUNYE UDABA: Namuhla kufihlwa elinye lamaphoyisa atholakala emfuleni iHennops

UKhomishana wamaPhoyisa uFannie Masemola uthe uphiko lwezingozi zezimoto i-Vehicle Accident Unit lusaphenya ngembangela yengozi.

Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ahambele lo mngcwabo bese ethula inkulumo yakhe.

eNCA

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *