Bangu-39 othisha abalahlwe amacala okunukubeza abafundi ngokocansi ezweni lonke

IChildline KwaZulu-Natal ithi imiphumela yakamuva iveze ukuthi babalelwa ku-39 othisha ezweni lonke abatholwe benecala lokungaziphathi kahle ngokocansi kwabafundi, okugqamisa amagebe ohlelweni lokuhlola.

Okutholwe yi-Education Labour Relations Council kukhomba ukuthi iningi lothisha ngabaKwaZulu-Natal, kulandele iGauteng.

UMqondisi weChildline KwaZulu-Natal, u-Adeshni Naicker, uthi labo thisha kumele basuswe unomphela ohlelweni lwezemfundo, ngoba bakhaphele ukuthembeka kwabo.

OLUNYE UDABA: I-AfriForum ithi izovulela uMchunu icala ngodaba lukaCwecwe

“Lokhu okutholakele akukona nje ukukhaphela ukwethenjwa kothisha kodwa nokuhlukumeza amalungelo ezingane zethu, isikole kufanele sibe yindawo ephephile lapho abafundi bengakhula khona, baphumelele futhi bazizwe bephephile.Ukusetshenziswa kabi kwegunya kothisha abajutshwe ukuvikela izingane akunazaba,” kusho uNaicker.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, u-Elijah Mhlanga, uthe badinga okungaphezu nje kokuhlolwa.

“Abanye abantu bayahlolwa, uma sebesohlelweni, bese bengena ezenzweni zobugebengu. Ngakho ukuhlolwa yinto ongeke uyethembe kakhulu,” kusho uMahlangu.

“Kumele sigxile ekuguquleni indlela yokucabanga. Khumbuza abantu abadala ukuthi banomsebenzi wokuvikela umuntu omusha ophambi kwabo, okufanele bamfundise baphinde bamkhulise,” usho njalo eqhuba.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *