Akukaboshwa muntu ngokwebiwa kwempahla eyatatshwa ngezibhelu zikaJulay 2021 ebigcinwe emaphoyiseni

Owayengukaputeni wamaphoyisa aseThekwini usole abaphathi bakwa-SAPS ngokuvikela isikhulu esiphezulu okusolwa ukuthi sihlobene nokwebiwa kwezimpahla ezatholwa ngesikhathi sezibhelu zangoJuly 2021.

Kulandela ukuvalwa kwamacala ngaphandle kwemiphumela izinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe seziqalile.

Abadayisi balahlekelwa yizindodla zezimali zesitokwe ngesikhathi sezibhelu zika-July 2021.

Enye impahla ayiphingdanga yabo akala, kanti enye yonakala noma yashiswa.

OLUNYE UDABA: Namanje akukaboshwa muntu ngombhikisho onodlame womphakathi waBaqulusi

I-SAPS ithi kuvulwe kabusha amacala amabili ngemuva kokuba owayengukaputeni ekhiphe ubufakazi obusha.

Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS aphinde aqinisekisa ukuthi inqubo yangaphakathi iyaqhubeka, kodwa akuphikisa ukuthi isikhulu esithintekayo siyavikelwa.

I-eNCA izibonile izitatimende ezivela kofakazi abayisithupha eziqinisekisa okushiwo yisikhulu esesathatha umhlalaphansi, kodwa bezingakaxoxwa nabaphenyi.