
IsiFundazwe saKwaZulu-Natal ilungiselela amaholidi kaDecember kanti izikhulu zithi la maholidi angaba nesasasa elikhulu kweokuvakasha sasehlobo selokhu kwaba neCOVID-19.
UNgqongqoshe Wezokuvakasha Kwazulu-Natal uMfundisi uMusa Zondi uthi kulindeleke ukuthi kube nezivakashi ezingaphezu kuka-1.3 million zitheleke eThekwini ngesikhathi samaholide.
OLUNYE UDABA: I-Africa Travel Indaba 2025 eyimpumelelo iqinisa umthelela wezomnotho kwezokuvakasha
UZondi wethule umkhankaso wezokuvakasha wasehlobo esifundazweni eMidlands ngoLwesibili, lwangomhlaka-25 Novemeber 2025.
Uthe phakathi kukaJanuary noMay kulo nyaka, iTheku liqophe uhambo lwasekhaya olungaphezu kuka-2.8 million kanye nezivakashi zakwamanye amazwe ezingu-186,000, okungenise imali engaphezu kuka-5 billion wamarandi emnothweni wendawo.
UZondi uthe izivakashi kanye nabantu bendawo bazovikeleka kahle kule sizini, ikakhulukazi ngokuqaliswa kwe-Coastal and Tourism Policing Unit eNingizimu Afrika, esiqapha amabhishi angaphezu kwamakhilomitha angu-100 nezindawo zezivakashi.
