
I-Special Investigating Unit, esitatimendeni ithe iyakwamukela ukuboshwa kukaZacharia Tshisele kulandela uphenyo lwayo mayelana nokungahambi kahle kokuthengwa kwempahla esibhedlela.
“Ngesikhathi sophenyo, i-SIU ithole ubufakazi bokuthi uTshisele uthole imali engenayo engekho emthethweni evela kubahlinzeki bezinsizakalo abahlukahlukene eTembisa Hospital phakathi komhlaka-1 January 2020 nomhlaka-1 September 2023,” kusho isitatimende.
Ekuqaleni kwalo nyaka i-SIU idlulisele leli cala kwabe-NPA, oKlebe kanye ne-Asset Forfeiture Unit.
NgoNovember, uTshisele wabuyisela i-SIU u-R13.5 million, nokuyimali abaphenyi abathi yingxenye nje yenzuzo yakhe ayithola ngokungafanele.
OLUNYE UDABA: I-SAFTU yeseka ukubuyiswa ngokugcwele kwemali ‘ephangwe’ esibhedlela saseTembisa
I-SIU ithi imizamo yokuthola yonke imali isaqhubeka.
Uphenyo seluyamanise imali engu-R122 million wezinkokhelo zenkohlakalo nezikhulu ezingu-15 zamanje nezangaphambili eMnyangweni Wezempilo waseGauteng kanye neSibhedlela saseTembisa.
Basolwa ngokukhohlisa ngamabhidi, ukusebenzisana, imali engcolile kanye nokusebenzisa kabi izikhundla zabo ukuze kuzuze abahlinzeki bezinsizakalo.
Kulindeleke ukuthi kubandakanywe ezinye izikhulu njengoba uphenyo luqhubeka.
I-SIU isivele ikhiphe izikhalo ezingaphezu kwekhulu zokuqondiswa kwezigwegwe.
