
ISouth African Federation of Trade Unions ithi ukutholwa kwezimali ezebiwe kuyigxathu elibalulekile elibheke ebulungiswa kulabo abathintekayo ekuphangeni izinsiza zomphakathi.
I-SAFTU ibilokhu iphendula isitatimende sikaNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi sokuthi kuzolethwa ubulungiswa kubo bonke abamataniswa nodaba lwasesibhedlela saseTembisa.
Ungqongqoshe utshele abezindaba zakwa-SABC ngempelasonto, ukuthi lokhu kuzobandakanya nalabo asebedlulile emhlabeni.
OLUNYE UDABA: INehawu ishaye ihlombe ngophenyo olunzulu ngesibhedlela saseTembisa
Uphenyo lweSpecial Investigating Unit luthole izinhlangano ezintathu ezididiyelwe ngemuva kokuphangwa kwezigidigidi ezimbili zamarandi esibhedlela saseGauteng.
UNewton Masuku weSAFTU uthe bayasamukela isifungo sikaMotsoaledi sokuthi umbuso uzolandela ifa lesikhulu esiphezulu esingasekho, u-Ashley Mthunzi, ukuze kubuyiswe imali yomphakathi.
“I-SAFTU ibambelele ngokuqinile kwisinqumo sikaDkt. Aaron Motsoaledi sokuthi wonke umuntu kanye nefa baphendule ngokwebiwa kwezinsiza zikahulumeni esibhedlela saseTembisa.
“Sicela abomthetho, iphalamende kanye nomphakathi ukuba babumbane ngoba sifuna ukuthi kukhishwe umbiko ogcwele we-SIU futhi kutholwe isenti nesenti elebiwa, futhi kungabibikho isikhulu esinenkohlakalo esiphila noma esishonile esibalekela icala.”
