
UNdunankulu uThamsanqa Ntuli waKwaZulu-Natal ehambisana noNgqongqoshe besifundazwe bebesendaweni yaKwaNdengezi ukuyoxhumana ngqo namalungu omphakathi mayelana nokulethwa kwezinsiza zawo.
UNdunankulu Ntuli kanye nongqongqshe baphinde bahlola umthelela kanye nokusebenza kahle kwezinhlelo ezenzelwe ukubhekana nezingqinamba zomphakathi, ukuthuthukisa ukulethwa kwezidingo zomphakathi nokuphakamisa umnotho kuso sonke isifundazwe.
OLUNYE UDABA: UNdunankulu waseKZN uthi kumele imiphakathi ifundiswe ngokuguquguquka kwesimo sezulu
UNtuli ethula inkulumo yakhe ngobekuqhubeka ngoLwesithathu phambi kwamalungu omphakathi abegcwele itende ephume ngobuningi bawo uphawule ngabantu bokufika abahlala kuleli ngokungemthetho abagcwele kuso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal.
“Abakwazi abantu baKwaZulu-Natal ukweswela imisebenzi kukhona amafemu abaqashe abantu bokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli, esho.
“Akukho lapho abangangeni khona nabangafinyeleli khona ukuyokhipha bonke abantu bokufika abagcwele la abangenazo izimvume.
“Umuntu ofuna ukuza kwazulu-natal akeze uma enemvume kuphela, uma engenayo “Gede” ababuyele ezweni labo.
UNdunankulu uthi lo mkhankaso uzowuqinisa ukuze wonke umuntu ohlezi esifundazweni ngokungemthetho ahlale kabuhlungu, aze abuyele ezweni lakhe. Okwesibili akufuneki kube khona umuntu wokufika oqashisiwe wanikwa ispaza shop lapha eThekwini naKwZulu-Natal elapha ngokungemthetho.
UNtuli wengeze ngokuthi yizo lezipaza ezidayisa izidakamizwa kodwa kungesibo kuphela ngoba nabakuleli bayazidayisa, ngakho balwisana nakho konke lokho.
