Udilikajele kolahlwe ngelokudlwengula ugogo eziphumela engadini

INkantolo yeSifunda eNquthu igwebe indoda eneminyaka engu-40 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka ewu-61 eMondlo ngoMay 2024.

Ntambama ngosuku lwesigameko, isisulu sasisuka engadini sibuyela endlini ngesikhathi sifica ummangalelwa ngaphakathi. Ummangalelwa wasabisa isisulu ngommese wathi asikhiye umnyango wabe esesiqhubela ekamelweni lapho asidlwengula khona.

Isisulu sambhekisisa ummangalelwa sabona ukuthi wumuntu esimaziyo wasendaweni kodwa sangakhombisa ngoba sisaba ukuthi wayengase ambulale. Ummangalelwa waqeda wabaleka.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowesifazane owabulala indodakazi yakhe KwaMashu

Isisulu sabikela indodakazi yaso ngesigameko, indodakazi yesisulu ngesikhathi iyobika kubo kammangalelwa yafica umfowabo naye ummangalelwa bazama ukuthi kuxoxwe. Bazama nangencwadi yokucela ukukhipha isinxephezelo esayinwe wummangalelwa kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya, udaba lwaya emaphoyiseni kwaboshwa ummangalelwa.

UMshushisi uDan Motha, uthe isisulu saahlaselwa ekhaya laso sinethezekile. Uthe isisulu salimala emoyeni nasenyameni ngenxa kammangalelwa. Ummangalewa ugwetshiwe futhi inkantolo inqume ukuthi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-NPA iyasemukela isinqumo ikakhulukazi njengoba kuyisikhathi se-16 Days of No Violence Against Women and Children . Sinethemba lokuthi isigwebo siveza ukuzimsiela kwe-NPA ukulwela ubulungiswa.