UNdunankulu waseKZN uthi kumele imiphakathi ifundiswe ngokuguquguquka kwesimo sezulu

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ubambe umhlangano woMkhandlu Wokuguquguquka Kwesimo Sezulu KwaZulu-Natal obuse-Archie Gumede Conference Centre, eMayville, namuhla.

UMkhandlu ubudingida izindaba ezibucayi zokuguquguquka kwesimo sezulu ezithinta isifundazwe.

OLUNYE UDABA: UNdunankulu waseKZN umemezela imbizo yokubhekana nobugebengu eNanda

Lo Mkhandlu ubuhanjelwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfundisi T.D. Buthelezi, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo uMfu Musa Zondi, uSihlalo weNdlu yeSifundazwe saKwaZulu-Natali kanye nabaholi bamaKhoi-San iNkosi R.S. Shinga, IziMeya, Amalungu oMkhandlu nezinye izicukuthwane.

Ethula inkulumo yakhe yokuvula uNdunankulu uthe kunesidingo esiphuthumayo sokuvakashela imiphakathi ekhahlanyezwe wukuguquka kwesimo sezulu ukuze ifundiswe futhi ihlonishwe ngemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu.