
Umndeni womlingisi uSeputla Sebogodi usuchithe umbiko ozungeza ezinkundleni zokuxhumana.
Le mibiko ithi kungase kube nokubambezeleka noma ukumiswa komngcwabo walo mlingisi ngenxa yombango wesidumbu okhona emndenini.
Umndeni uyagcizelela ukuthi izinhlelo zokubekwa endaweni yakeh yokugcina zizoqhubeka njengoba kuhleliwe.
OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni ‘uCobra’
Inkonzo yesikhumbuzo yokuqala kaSeputla ibibanjelwe eTshwane namuhla. Inkonzo yesikhumbuzo yesibili izoba sePolokwane ngoLwesihlanu kanti uzobekwa endaeni yakhe yokugcina ngoMgqibelo wangomhlaka-25 July ePolokwane, eLimpopo.
Okhulumela umndeni uThomani Makwarela, okhulumela izingane uthe azikho izinguquko ezikhona ngezinhlelo zomngcwabo walo mlingisi waphinde wathi yizingane zomlingisi ezizophatha umngcwabo.
USebogodi, 63, odlule emhlabeni ngomhlaka-15 July 2026 kulandela ukuxinwa wukugula okuhlobene nesifo sikashukela, ungomunye wabalingisi abaqavile kuleli njengoba ezakhele udumo elingisa emdlalweni owuchungechunge iGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKenneth Mashaba.
