Inhlangano yamalungelo abasebenzi imashe e-Overport

Inqwaba yabantu engamalungu enhlangano i-Labour Laws Enforcement (LLE) bahlanganyele e-Overport namuhla lapho beqale khona imashi ye-LLE SIYOFESA, bafuna kuqiniswe imithetho  yabasebenzi eNingizimu Afrika, ukuzibophezela okukhulu kwabaqashi, kanye nokuvikelwa kwamalungelo abasebenzi okuqinile.

Le mashi enokuthula iqale eMalls Tiles e-Overport yaqhubeka njalo ku-Brickfield Road yayophetha kuSparks Road.

Abahleli bemashi bathi ngale mashi bahlose ukukhuthaza ukulandelwa kwemithetho yokuqashwa bebebeqwashisa umphakathi ngamalungelo abasebenzi kanye nezibopho zomthetho zabaqashi.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa azobe eqaphile embikishweni weMarch and March

Ngaphambi kwemashi, ubuholi be-LLE buhlanganyele namaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) ukuqinisekisa ukuthi imashi iqhutshwa ngokuthula, ihlelekile futhi ihambisana nomthetho.

Esitatimendeni, inhlangano iphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekusebenziseni ilungelo lomthethosisekelo lokuhlangana ngokuthula futhi isebenzisane namaphoyisa ukuvikela abayingxenye yemashi nomphakathi.

“Sisonke, simasha ngokuthula. Sisonke, simelela ubulungiswa, ukuthobela imithetho, kanye nokuzibophezela,” kusho inhlangano.

UMqondisi Kazwelonke we-LLE uMusa Mhlongo, ekhuluma namalungu emashi, uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwenhlangano ekuvikeleni amalungelo abasebenzi kanye nokuqinisekisa ukuphoqelelwa komthetho wezabasebenzi waseNingizimu Afrika.

ThePost