
I-National Consumer Commission (NCC) imemezele ukuhoxiswa kwemoto yohlobo lwe-Nissan Qashqai, iToyota Land Cruiser 300 kanye neLexus LX600 ngenxa yezimo zokuphepha ngemuva kokubikelwa ngabakhiqizi bazo.
Ukubuyiselwa emuva kwalezi zimoto kuhlobene nokuvuza kukaphethiloli okungenzeka kumamodeli athile eNissan kanye nenkinga yenjini okuthinta izimoto ezithile zakwa-Toyota kanye nezakwa-Lexus.
OLUNYE UDABA: Abakwa-VW nabakwaMercedes-Benz bacela kubuyiselwe emuva izimoto ‘ezinenkinga’
UPhetho Ntaba we-NCC uthi yizimoto ezingu-314 zakwa-Nissan Qashqais ezathengiswa phakathi konyaka ka-2021 no-2024, kusukela ngomhlaka-4 May 2021 kuya kumhlaka-17 September 2024.
UNtaba uthi zingu-507 izimoto zohlobo lwe-Toyota Land Cruiser kanye nezingu-124 zakwa-Lexus ezathengiswa kusukela ngo-2022 kuya ku-2024, kusukela ngomhlaka-13 December 2022 kuya kumhlaka-7 May 2024, nezathunyelwa eBotswana naseNamibia.
