
Isihlonziwe imbangela yengozi eyenzeke namuhla ekuseni ebandakanya izimoto ezingu-20 neloli ku-N3 ngaseCliffdale, entshonalanga yeTheku.
Kule ngozi kulimale inqwaba yabantu kanti oyedwa wabo uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlabene ngenxa yesimo sokulimala kwakhe.
OLUNYE UDABA: Kushone abantu ababili kwalimala inqwaba ezingozini ezahlukene eKZN
“Kubizwe ibhanoyi elinophephela emhlane ukuthi lithuthe ngokushesha isiguli esilimele kabi kanti isiguli sesikhululiwe kanti silinde indiza enophephela emhlane ngaphambi kokuba siyiswe esibhedlela esiseduze ukuze sithole ukunakekelwa okwengeziwe,” kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo be-ALS uGarrith Jamieson.
Umshayeli weloli uboshwe ngemuva kokuba iphoyisa lophiko lwe-RTI libambe umshayeli odabuka eZambia ezama ukubaleka endaweni yesigameko.
USindi Msimang weRoad Traffic Inspectorate udalule imbangela yengozi.
“Imbangela yale ngozi ukuthi iloli iphelelwe ngamabhuleki, yashayisana nezimoto ezibheke enyakatho. Umshayeli uhlulekile ukulawula iloli layohlala eningizimu yaphinde yashayisana nezimoto ezibheke eningizimu.”
