
Ziqhubeke kabusha izinhlelo zamatekisi eThekwini ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi amalungu eSA National Taxi Council eqede isiteleka sawo ngoLwesine ebusuku.
“Isiteleka siphelile. Okukhona wumsebenzi waleli thimba,” kusho uMathula Mkhize, usihlalo woMkhandlu Wamatekisi kuMasipala weTheku.
Lesi siteleka sishiye izinkulungwane zabagibeli eThekwini benenkinga yezokuhamba kuleli sonto.
OLUNYE UDABA: Kushone abangu-12 engozini yebhasi ngaseVryheid
Izikhalo zeSantaco zibandakanya ukubambezeleka kokukhishwa kwamalayisensi okusebenza kanye nokuboshwa kwamatekisi aKwaDabeka naseClermont.
Ngemuva kwezingxoxo nezikhulu zesifundazwe kanye ne-EMTC, uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, usungule ithimba elizohlangana njalo ukuze libhekane nalezi zinkinga.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesine ebusuku, uMkhize uthe okuhamba phambili wukuhlinzeka umphakathi ngezokuthutha eziphephile.
“Sifuna wena njengohulumeni usize le mboni esinegama elibi nesihlonzwe kabi ukuba iguqulwe.
“Njengawo wonke amanye amabhizinisi, sidinga uhulumeni ukuthi alule isandla ukuze sizise ozakwethu, abashayeli nabanikazi bamatekisi ukuthi nabo bathrobe kuphinde kube nokubambisana.”
