
INational Prosecuting Authority (NPA) isikuqinisekisile ukuthi ngeke ilishushise icala lokunukubezwa ngokocansi kwentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala eladluliselwa kubashushisi eNkantolo yeMantshi yaseMatatiele ngoNovember 2024.
Okhulumela i-NPA u-Advocate Mthunzi Mhaga uthi abashushisi bahlole okuqukethwe idokodo base bephetha ngokuthi abukho ubufakazi obanele bokushushisa ngempumelelo.
OLUNYE UDABA:Buka: Kubanjwe amamashi e#Justice4Cwecwe
UMhaga wengeze ngokuthi amaphoyisa aphinde athumela idokodo ehhovisi le-DPP ukuze licutshungulwe kabanzi.
“Abukho ubufakazi bokudlwengulwa noma ukunukubezwa ngokocansi ngemuva kokuba intombazane encane ixoxisane nodokotela nosonhlalakahle. Sithathe isinqumo njenge-NPA sokukhipha isitatimende namuhla ngenxa yokukhala komphakathi kanye nentshisekelo eyaba khona ngalolu daba, nakuba ngonyaka odlule ngoNovember ngesikhathi kuthathwa isinqumo, asikho isitatimende esakhishwa.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
