
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abangaziwa abadubule babulala abantu abayisishiyagalombili emijondolo yaseZama esigcemeni sakwa-U, eMlazi ngoLwesihlanu ebusuku, kuwumhlaka-16 May 2025.
Amaphoyisa asabele kumbiko wokubulawa kwabantu abaningi kanti ngesikhathi efika endaweni yesigameko, afice abantu abayisihiyagalombili, okungamadoda ayisithupha nabesifazane ababili bedindilize edamini legazi, begcwele namanxeba okudutshulwa emzimbeni yabo.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-8 eMlazi
Izisulu ngokwesitatimende samaphoyisa zineminyaka ephakathi kwengu-22 nengu-40 ubudala.
Kubikwa ukuthi abashonile bebengaphakathi kulo muzi ngesikhathi kungena abasolwa abangaziwa abafike bavulela ngenganono bebhekise kubo.
Izisulu zishonele khona endaweni yesigameko.
Uphenyo olumayelana nembangela yesigameko luyaqhubeka. Amaphoyisa asephume umkhankaso wokuthungatha abasolwa.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduzane noma ashayele inombolo ye-crime stop, ku-08600 10111.
ISITHOMBE:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
