
Izimoto zohlobo lwe-Ranger ne-Everest ezakhiwe phakathi kukaJune 2022 no-March 2025 zinenkinga yenjini, engase ibangele ukuthi zivele zijame esikhaleni.
Amanye ama-model akwaPuma akhiqizwa kusuka ngasekupheleni kuka-2021 kuuya kunyaka ka-2024 kunephutha elikhona emapayipini kaphethiloli ongaholela ekutheni uvuze.
OLUNYE UDABA: Abakwa-VW bacela kubuyiselwe emuva izimoto ‘ezinenkinga’
Ngokuhamba kwesikhathi, lo monakalo ungase uholele ekuvuzeni kukaphethiloli, kanti futhi ezimotweni zohlobo lwe-EcoSport zika-2021-2022, kunenkinga ye-transmission engadala ukuthi imoto ihlukane umniniyo esayishayela. Kunokwenzeka ukuthi kunenkinga yokungafakwa kahle kwengxenye ka-shaft wangaphambili emotweni.
Ama-half shafts angaphambili kungenzeka ukuthi awafakwanga kahle ku-transmission ngesikhathi imoto isakhiwa.
OweNational Consumer Commission uPhetho Ntaba, usenxuse abashayeli abathintekayo ukuthi bavakashele izindawo ezidayisa izimoto eziseduze.
“ Lezi yizinkinga ezibucayi nezikhathazayo, kuyaphoqa ukuba uxhumane namagalaji adayisa izimoto aseduze nawe okuyibo abazokusiza ngemigudu efanelekile. Esikhathazeke ngakho njenge-National Consumer Commission ukuphepha kwamakhasimende okuyinto esemqoka kuthina.”




Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
