Ushonile obedubulana namaphoyisa KwaMaphumulo, eKZN

Kudutshulwe kwabulawa umsolwa kudutshulwana namaphoyisa endaweni yaseKjalweni KwaMaphumulo ngeSonto ntambama.

Amaphoyisa asebenze ngokobunhloli ngowesilisa obephethe isibhamu eshayela imoto enkabeni yedolobha kwaMaphumulo. Kube sekusebenza uphiko lwezobunhloli kanti imoto ehlonziwe itholwe ipakwe emgwaqeni endaweni yasoKhalweni. Ngesikhathi amaphoyisa esondela emotweni, afice abagibeli ababili emotweni kanti umshayeli ubengekho emotweni.

Ngesikhathi umshayeli ebuya emotweni ube esebona amaphoyisa emotweni yakhe waphindela emuva. Amaphoyisa abe esegijimisa umsolwa ovele wavulela ngenganono ebhekise emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abahlalnu kudutshulwana namaphoyisa eGoli

Amaphoyisa ezivikela nawo aphindisele ngenhlamvu kanti ngesikhathi sokudubulana umsolwa udutshulwe wathola amanxeba amabi washona.

Ngokwesitatimende samaphoyisa umsolwa utholwe nesibhamu esesulwe inombolo , i-serial number.

Alikho iphoyisa okubikwe ukuthi lithole ukulimala ngesikhathi sokudubulana.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)