Umbiko wePhasika: Kulindeleke ukuba ukhuphuke umthamo wezimoto ku-N3

I-N3 Toll Concession ithi abashayeli kufanele balindele ukuthi kube nesiminyaminya emgwaqweni u-N3 eningizimu nasenyakatho uma ubheke eGauteng naKwaZulu-Natal njengoba abantu abaningi bebuyela emakhaya ngemva kwempelasonto yePhasika.

Kuthiwa isiphithiphithi kulindeleke ukuthi siqhubeke usuku lonke kuze kube yihora lesishiyagalombili ebusuku.

Thania Dhoogra oyisikhulu esiphezulu se-N3TC, uyachaza, “Sicela nikhumbule ukuthi abomthetho kanye namanye amathimba alawula izigameko zomgwaqo atshalwe yonke indawo futhi azobe ebonakala kakhulu kuwo wonke ama-toll ka-N3 ngaphezu kokuba kuhlolwe izimoto ukuthi zikulungele yini ukuba semgwaqeni nokuhlola ukuthi abashayeli bayayithobela yini imthetho yomgwaqo.

OLUNYE UDABA:Umbiko wePhasika: Bangaphezu kweshumi abashayeli ababoshelwe ukushayela bedle amponjwana

“Bazophinde baqaphe ngeso lokhozi izimo zomgwaqo futhi bangase basebenzise izindlela zokulawula izimoto uma kunesidingo.

“Khumbula ukuthi uhlale ulandela imiyalelo yabezomthetho, sicela ubike noma yiziphi izimo eziphuthumayo ngesikhathi uhamba emgaqweni u-N3 phakathi kwaseCedera e-KZN nase-Heidelberg eGauteng ngokushayela ucingo losizo lwamahora angu-24 ku-0800 63 43 57.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *