Umbiko wePhasika: Bangaphezu kweshumi abashayeli ababoshelwe ukushayela bedle amponjwana

Bangaphezu kweshumi abantu abavalelwe esitokisini ngemuva kokutholokala beshayela bephuze amanzi amponjwana ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Lokhu kuboshwa kwala bantu kuza njengoba iziphathimandla ziqinisa imizamo yezokuphepha emgwaqeni ngempelasonto ende.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala abantu abathathu engozini eReservoir Hills

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uNdabezinhle Sibiya, uthe basenza imizamo yokuphusha isigwebo seminyaka eyisithupha ejele ukuze kunqandwe labo abaphula umthetho.

“Zingaphezu kuka-180 izimoto ezimiswe ngesikhathi kunezivimbamgwaqo ezixube izinhlaka ezahlukene eQalakabusha Correctional Service Centre eduze no-R34 eMpangeni.

“Kuboshwe izimoto eziyisithupha emuva kokuthi uMmemezi Wezimoto ethole ukuthi azinazo izimvume, kwabhaliswa amacala angu-33 okuphulwa kwemithetho yomgwaqo.

“Kuboshwe umshayeli wetekisi oyedwa ngokushayela engekho esimeni esikahle ebeka nezimpilo zabagibeli engcupheni.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *