

UNobhala-jikelele woMkhonto Wesizwe Party uFloyd Shivambu usezidalelele inkinga ngokuvakashela eMalawi, lapho ahlangane khona nomphrofethi uShepherd Bushiri.
Lo mphrofethi nomkakhe babaleka eNingizimu Afrika baya kwelakubo eMalawi ngoNovemba 2020 ngemuva kwezinsukwana bededelwe ngebheyili ka-R200 000 umuntu ngamunye.
INingizimu Afrika yabe isifaka isicelo sokubuyiselwa eMalawi, ifuna ukuba babuye bazoquliswa amacala abo amaningi okubalwa kuwo awokudlwengula, ukuphula imibandela yebheyili, ukushushumbisa imali namanye amaningi.
OLUNYE UDABA:“Ngisiza abantu abahlwempu, yingakho ngiyisigwili”
Khonamanjalo iqembu iMK seliziqhelelanisile nokuvakasha kukaNobhala Jikelele walo esontweni likaBushiri eMalawi.
Kususe umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana ukubonakala kwevideo etshengisa laba bobabili bendawonye esontweni i-Enlightened Christian Gathering Church, behambele inkonzo yePhasika.
I-MK Party ithe u-Shivambu uzivakashele ngokwakhe yaphinde yakugxeka lokhu kuvakasha kwakhe esontweni likaBushiri.
Isenzo sikaShivambu sigxekwe ngungqongqoshe wezobulungiswa wathi lokhu kungukudelela uhlelo lwezomthetho lwaseNingizimu Afrika.
Esitatimendeni, leli qembu lithe alikugunyazanga futhi alulesweki uhambo lukaShivambu.
ezinkundleni zokuxhumana:
Thank you my brother, Prophet Bushiri for hosting us and for the kind words. The government scale amount of work you do to economically, educationally, socially and spiritually uplift our people is unparalleled now and in history.
— Floyd Shivambu (@FloydShivambu) April 19, 2025
I know that the leadership and people of Malawi… https://t.co/A7x2SSHQWF
UMKHONTO WESIZWE PARTY DISTANCES ITSELF FROM SECRETARY GENERAL'S VISIT TO SHEPHERD BUSHIRI'S CHURCH pic.twitter.com/TuzmWml60C
— uMkhonto WeSizwe Party (Official) (@MkhontoweSizwex) April 19, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEditEditEdit
