
Babalelwa ku-50 abantu bokufika okukholakala ukuthi bebevalelwe emzini oseLombardy East, enyakatho neGoli, ababalekile.
Abasolwa kukholakala ukuthi bangabokudabuka eSomalia nase-Ethiopia, phakathi kwabanye kanti abaziwa ukuthi babalekele kuphi.
Umakhelwane okhulume ne-eNCA igama lakhe eligodliwe uthe basale bebambe ongezansi ngabakubone kwenzeka.
OLUNYE UDABA: Kunemashi ephikisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho eThekwini
Ngokusho kwalo makhelwane, bathuswe wumsindo wokuxokozela kwabantu obuvela ngaphandle.
Uthi uthe uma bebheka babona inqwaba yabantu bezizwe begijima emgwaqweni abanye benqunu kanti abanye bephethe izinkwa.
Lesi sakhamuzi sicele amaphoyisa ukuba alusukumele lolu daba, athole nomnikazi womuzi obekuvalelwe kuwo la bantu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
