Basenkantolo abasolwa ngokuqotha umndeni wakwaMonswamy

Kulindeleke ukuthi amadoda amathathu asolwa ngokubulala amalungu ayisikhombisa omndeni wakwaMonswamy ngesihluku avele enkantolo.

Bonke abasolwa baboshwe ngesonto eledlule ngemuva kokutholakala kwezidumbu zezisulu eMelmoth KwaZulu-Natal.

Izisulu kwabikwa ngazo ukuthi zilahlekile ngesikhathi zezinsolo zokubanjwa inkunzi besendlini.

Amaphoyisa athi omunye umsolwa usagcwele izinkalo.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umndeni eMelmoth, eKZN

Amalungu omndeni ayisikhombisa abulewe ngoLwesibili ebusuku kanti bathunjwa ngaphambi kokudutshulwa nokugwazwa, izidumbu zawo zayolahlwa eMelmoth.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, namuhla, naye usenkantolo ukuyothambela icala labasolwa ngokubulala amalungu omndeni wakwaMonswamy.

Abasolwa bavele phambi kweNkantolo kaMantshi yaseStanger (KwaDukuza) ngemuva kokuboshwa kwabo mayelana nesigameko esibi esishaqise isifundazwe kanye nesizwe.