Uboshiwe udokotela obenukubeza ngokocansi iziguli zakhe

Abaseshi bophiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS) KwaZulu-Natal, besebenzisana namaphoyisa aseMadadeni, babophe udokotela endaweni yakhe yokusebenza eMadadeni ngoLwesibili, lwangomhlaka-28 April 2026.

Lo dokotela oneminyaka engu-69 ubudala kuthiwa uhlukumeze ngokocansi iziguli zakhe ezine abantu besifazane esibhedlela eMadadeni phakathi kuka-August 2025 no-April 2026.

Kuthiwa umsolwa ubethinta izisulu ngendlela engafanele emabeleni azo nasezithweni zangasese, futhi kuthiwa waphoqa ezinye zazo ukuba zenze izenzo zocansi kuye.

OLUNYE UDABA: Ubhekene necala elibomvu udokotela ‘oweqe esitokisini’ eboshelwe ukushayela edle ezikaFaro

Izisulu zakhalaza kumuntu okunguye owatshela amaphoyisa ngokungekho emthethweni. Abaseshi be-FCS babe sebelusukumela udaba ngemuva kwalokho izisulu zavula amacala, kwavalwa uphenyo, kwaboshwa umsolwa.

Uma kuvela ezinye izisulu zifika nemibiko yokuhlaselwa ngokocansi namacala avuliwe, kuzokwengezwa amanye amacala.

Umsolwa kungenzeka avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseMadadeni ngoLwesine, lwangomhlaka-30 April 2026.