
UBellarmine Mugabe nomzala wakhe uTobias Matonhodze, bathole izigwebo ezahlukene eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra.
UMugabe ulivumile icala lokwephumula umthetho wezibhamu nowokufuduka, kanti uMatohodze yena uvume icala lokuzama ukubulala, phakathi kwamanye amacala.
IMantshi uRenier Boshoff ukuphakamisile ukuthi laba bobabili bayaqala ukutholakala benamacala kanti futhi isinqumo sabo sokuvuma icala kunciphise isigwebo.
OLUNYE UDABA: Lihlehliselwe u-April icala likaBellarmine Mugabe
UBoshoff ushaye ngoswazi oluncane uMugabe ngenhlawulo ka-R600 000 okanye izinyanga ezingu-24 esejele, kanti uMatonhodze yena ugwetshwe iminyaka emithathu esejele.
UMugabe uzophelezelwa ebheke e-OR Tambo ngamaphoyisa abaseshi, lapho ahlelelwe khona ukubuyela kwelakubo eZimbabwe.
