IContralesa ixwayisa umphakathi ngokuphoqa abantu ukuthi baye ezikoleni zokusoka

ICongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) inxuse umphakathi ukuthi uyeke ukuyisa abantu ezikoleni zokusoka ngenkani.

Lesi sicelo siza ngemuva kwesigameko sakamuva esibandakanya ikhehla elineminyaka engu-72 ubudala elathunjwa emzini walo eGa-Mamatsha village eLimpopo layiswa esikoleni sokusoka ngaphandle kwemvume yalo.

Kwaboshwa abasolwa abathathu ngaleli cala base bededelwa ngebheyili ngemuva kokuvela enkantolo.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngokutholakala kwesidumbu sentombazane esishumpulwe isitho sangasese

Umkhandlu wendabuko uthi abantu kufanele babe nenkululeko yokuzikhethela ukuya ezikoleni zokusoka ngokuzithandela.

UMengameli weContralesa, uKgoshi Mathupa, uthi labo abenze lokhu kumele bashushiswe.

UMathupa uthi, “Ngithukuthele kakhulu ukuthi ngemva kokuba abantu betshelwe kahle ngokuthi bangakwenzi lokhu, bayakwenza. NjengeContralesa, sithi umthetho kumele uthathe indawo yawo, njalo sizakwenza isiqiniseko sokuthi singabangane bezinkantolo ekuqinisekiseni ukuthi labo abenza okubi bathathelwa izinyathelo ezinqala ngoba lokhu akulona isiko lethu, lokhu ukuthunjwa, akusesona isikole sokusoka.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)