Kuphenywa ngokutholakala kwesidumbu sentombazane esishumpulwe isitho sangasese

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu esesonakele sentombazane esigangeni eRoodepoort, entshonalanga neGoli.

ULikhona Fosa oneminyaka engu-14 ubudala kubikwa ukuthi uduke ngempelasonto kanti amaphoyisa athe isidumbu sakhe sitholwe ngumuntu obezidlulela ngendlela ngeSonto ntambama.

“Isidumbu esicwiyiwe sitholwe sidindilize ngaphansi kwezihlahla ngumuntu obezidlula ngendlela, wabe esebikela amaphoyisa,” kusho okhulumela amaphoyisa uDimakatso Nevhulwi.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izidumbu okukholakala ukuthi ngezamaphoyisa amathathu alahlekile

“Sekuqoqwe izinsiza zokuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ezenze lokhu zigcina zivalelwe ejele. Amaphoyisa acela noma ngubani ukuthi asize ngolwazi olungaholela ekuboshweni kwezigilamkhuba.”

ITshegofatso Pule Foundation izwakalise ukushaqeka kwayo ngokushesha kulandela ukuzwa ngesigameko njengoba le ndawo okutholwe kuyo isidumbu sale ngane, iyona ndawo okwatholwa kuyo isidumbu sikaPule ngoJune 2020.

Ngaleso sikhathi wayenezinyanga ezingu-8 ezithwele.

OweFoundation uBotlhale Modisane uthi,” sithole ucingo mayelana nokutholakala kwesidumbu somuntu oneminyaka engu-14 ubudala, sikaLikhona Fose obulawe ngesihluku isitho sakhe sangasese sishumpuliwe.”

EWN

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit