Amaphaphu phansi ngegciwane iHantavirus

UMnyango wezeMpilo usunxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba bangesabi ngokuqubuka kwegciwane i-Hantavirus emkhunjini wokungcebeleka esldlule nemiphefumulo emithathu, okubalwa kubo nowesifazane waseDutch oshonele esikhungweni sezempilo saseKempton Park ngemuva kokuwa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

Leli gciwane, elithwalwa yindle noketshezi olungaba wumchamo namathe amagundane lingabangela ukugula okuphetha ngokufa, umuntu aphelelwe wumoya, litholakale emkhunjini wokungcebeleka  i-MV Hondus osuka e-Argentina ulibangise eCanary Islands uhamba ngaseCape Verde.

Esitatimendeni sangoMsombuluko, uMnyango wezeMpilo, uthe: “Ngokombono wethu, asikho isidingo sokuba umphakathi wethuke ngoba abantu ababili kuphela abaphuma emkhunjini wokungcebeleka bebengaphakathi kwemingcele yethu.”

Okhulumela uMnyango uFoster Mohale uthe inkinga engaba khona ukulandelela noma ngubani okungenzeka ukuthi uhlangane nabo.

OLUNYE UDABA: Umphakathi unxuswa ukuba ukubeke eqhulwini ukugoma izilwane kulandela ukuphuma kwesidumbu ngenxa yamarabi

“Inselelo kuphela ukuthi sidinga noma ngubani ohlangane neziguli ezimbili ukuthi eze azohlolwa ukuze ahlole ukuthi akakatheleleki yini,” kusho uMohale engeza.

Ngokwesitatimende somnyango, umkhumbi wawuthwele izivakashi ezingu-150 ezivela emazweni ahlukahlukene. Umkhumbi wawusuka e-Ushuaia, eningizimu ye-Argentina, cishe emasontweni amathathu edlule, futhi wawulibangise eCanary Islands.

“Ngesikhathi lo mkhumbi udlula ogwini lwaseNingizimu Afrika, abanye abagibeli babhekana nezinkinga ezinkulu zempilo, lapho kubenzima ukuphefumula,” kusho isitatimende.

Umuntu wokuqala ohlaselwe yileli gciwane ngowesilisa, 70, odabuka eDutch ovele wagula umkhumbi usuka e-Ushuaia uya eSt Helena Islane, waba nomkhuhlane, waphathwa yikhanda elibuhlungu, ubuhlungu besisu kanye nesifo sohudo. Ushone ngesikhathi efika eSt Helena Island, lapho umzimba wayo ulinde khona ukubuyiselwa eNetherlands.

SAGovNewsAgency