
UMnyango Wezempilo waKwaZulu-Natal uqinisekisa isibalo sezingane ezingu-334 ezizalwe ngomhlaka-1 January 2-26 ezikhungweni zezempilo zomphakathi eahlukene esifundazweni sonke.
Isibalo esiqoshiwe sezingane ezizaliwe ngokuhlukaniswa ngobulili; zingu-167 izingane zabafana nezingu-167 zamantombazane. Isibalo sihlanganisa amawele angamaqoqo amathathu, ngeshwa kushone iwele elilodwa.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe eKZN unxusa abazali ukuba bavikele izingane njengoba izimvula ezinamandla zisaqhubeka
Phakathi kwesibalo sezingane ezibelethwe ngosuku lokuqala onyakeni; bangu-61 omama abayintsha kanti iminyaka yabo yehlukaniswe ngokulandelayo:
Umama oyedwa (1) oneminyaka engu-14 ubudala
Omama ababili (2) abaneminyaka engu-15 ubudala
Omama abayisithupha (6) abaneminyaka engu-16 ubudala
Omama abangu-18 abaneminyaka engu-17 ubudala
Omama abangu-19 abaneminyaka engu-18 ubudala
Omama abangu-15 abaneminyaka engu-19 ubudala
UMnyango ubongise yonke imindeni eyamukele izingane ngosuku loNyaka Omusha wancoma nabasebenzi bezempilo esifundazweni sonke ngokuzinikela kwabo kanye ngokusebena ngokuzikhandla ngesikhathi samaholidi.
UMnyango ulokhu uqhubeke njalo nokugcizelela ukubaluleka kwezinsizakalo zezempilo zomama, izingane ezisanda kuzalwa, kanye nentsha, okubalwa kukho ukufinyelela kulwazi lwezempilo nokusekwa.
