Kuzothi dwee…kubashayeli bezimoto kwehla intengo kaphethiloli kulo Januworry

Kulindeleke ukuba kwehle intengo kaphethiloli kuleli sonto, njengoba ukuqina kwerandi kanye nentengo ephansi kawoyela wamazwe ngamazwe kuholele ekwehleni okukhulu kukaphethiloli nodizili.

Intengo kaphethiloli i-93 Unleaded izokwehla ngamasenti angu-62 ilitha kanti i-95 Unleaded yona izokwehla ngamasenti angu-66 ilitha.

OLUNYE UDABA: Kuzonyuka kancane uphethiloli, kwehle udizili ngo-October

Intengo kadizili yona izokwehla phakathi kuka-R1. 37 no-R1.48 ilitha.

Uphalafini wona uzokwehla ngo-R1.48 ilitha.

Ilitha ye-95 Unleaded kulindeleke ukuthi ibize u-R19.92 ogwini kusukela ngoLwesithathu, okuyibeka ngaphansi kuka-R20 okokuqala ngqa cishe eminyakeni emine.