Kuzonyuka kancane uphethiloli, kwehle udizili ngo-October

Abashayeli bezimoto kuleli bazokhokha kakhulu ngophethiloli kodwa bakhokhe kancane ngodizili kusukela ngoLwesithathu, 01 October 2025.

Ukwenyuka kancane kwentengo kaphethiloli kuzophazamisa abashayeli, abangathathi entweni.

UMnyango Wezimbiwa Namandla (i-DMRE) umemezele ukuthi intengo ye-93-octane izokhuphuka ngo-1 cent ilitha (c/l), kanti uphethiloli we-95-octane uzobiza amasenti angu-8 ilitha ngaphezulu.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba yehle intengo kaphethiloli nekadizili ngoSeptember

Intengo kadizili (0.05% sulphur) yehla ngo-10 cents ilitha, kanti udizili ono-0.005% sulphur wehla ngo-8 cents ilitha.

Khonamanjalo, upharafini uzobiza kancane ngo-11 cents ilitha, kanti intengo ye-LP gas yona yehla ngo-17 cents/kg.

 Uma eseqala ukusebenza amanani amasha entengo kaphethiloli, ilitha likaphethiloli ongu-93 unleaded lizobiza u-R21.48 ilitha, kuthi u-95 unleaded libe ngu-R21.63

Intengo kadizili engu-0.05% (500 PPM) izokwehla ibe ngu-R19.34 ilitha, kanti u-0.005% (50 PPM) uzobiza u-R19.39.

Okhulumela i- Department of Mineral Resources and Energy (DMRE), uRobert Maake, uthe ziningi izinto ezihlanganisa amanani entengo kaphethiloli emhlabeni jikelele kanye nezinga lokushintshisana ngerandi/laseMelika, kube nomthelela ekwenyukeni kukaphethiloli kanye nokwehla kwentengo kadizili.

The Citizen